Usenkantolo umama osolwa ngokushaya kabi ingane yakhe

2018-02-14 18:02

Cape Town – Umama waseHanover Park uvele eNkantolo kaMantshi e-Athlone ngoLwesithathu ngezinsolo zokushaya kabi ingane yakhe yomfana.

Umama, 29, usolwa ngokushaya indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala ngeSonto.

Ngokusho kwemithombo, umama, elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela ingane, ushaye ingane wayishiya inengozi ekhanda.

OLUNYE UDABA: Uzofaka isicelo sebheyili osolwa ngokuthengela umyeni izinkabi

Okhulumela amaphoyisa u-Andrè Traut ukuqinisekisile ukuthi uthweswe icala lokushaya ngesihlulu.

“Leli hhovisi lingakuqinisekisa ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza. Isigameko senzeke ngoFebhuwari 11 ngabo-19:22.”

Ingane iyiswe eRed Cross War Memorial Children's Hospital kanti kuthiwa isesimeni esithembisayo.

- Cape Times

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...