Usenkantolo osolwa ngokudlwengula intombazane, 13

2017-11-15 12:30

Johannesburg - Kulindeleke ukuba ivele namuhla (ngoLwesithathu) ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseTsakane indoda eneminyaka engu-21 ubudala ngezinsolo zokudlwengula nokuthumba intombazane, 13, KwaThema, e-East Rand, eGauteng.

Kukholakala ukuthi umsolwa wabonwa ngugogo wentombazane erenki yamatekisi endawo ngesikhathi ebikela amaphoyisa, aphuthuma ayomubopha.

OLUNYE UDABA:Uyavela owadlwengula ingane yesiqashi waqede wayipha uR5

Umsolwa wabe esehlonzwa yisisulu wathweswa icala lokuthumba nokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa e-EMPD, uWilfred Kgasago uthe ngesikhathi ugogo wengane ebona umsolwa ereki yamatekisi eVlakfontein, ube esebikela iphoyisa likamasipala ebeliseduze.

Umsolwa zibe sezimkhalela kanjalo kanti amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...