Usenkantolo osolwa ngokubulala intombi eyi-albino

2017-07-20 19:30

Durban - INKantolo yeMantshi yaKwaMbonambi eduzane naseRichards Bay, KwaZulu-Natal, ogwini olusenyakatho idlulisele icala elibhekene nendoda, 30, esolwa ngokubulala intombi yayo eyi-albino eNkantolo yesiFunda eseMpangeni.

USiyabonga Zungu waboshwa eNgwavuma eduzane naseJozini ekuqaleni kukaJuni. Kusolwa ukuthi wabulala u-Asanda Mbuyazi abanengane enezinyanga eziyisikhombisa izelwe naye.

Umndeni kaMbuyazi ukholwa wukuthi ingxabano eyayiphakathi kukamsolwa nesisulu yayimayelana nokuthi ngubani uyise wengane.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe isoka ngezinsolo zokubulala intombi eyi-albino e-KZN

UZungu egcina ukuvela enkantolo walaxaza ukufaka isicelo sebheyili.

NgoLwesine inkantolo idlulisele udaba eNkantolo yesiFunda eseMpangeni. Icala lizobuyela enkantolo ngoLwesihlanu oluzayo.

Ugogo kaMbuyazi ucele uhulumeni ukuba aqinise isigwebo ezigamekweni zodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane.

"Asilali ngoba asisazi isiphetho salolu daba. Sishaqekile ngokuthi lolu daba ludluliselwe kwenye inkantolo. Sifuna uhulumeni aqinise isigwebo kulabo abahlukumeza abesifazane nezingane."

 - SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-27 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...