Usenkantolo osolwa ngawokubulala eGlebelands

2018-01-03 16:00

Durban - Omunye wabasolwa ngamacala okubulala ehostela iGlebelands kulindeleke ukuba avele enakntolo yeamantshi yaseMlazi eningizimu yeTheku namuhle.

UMondli Mthethwa, 32, ungumsolwa wesi-8 owaboshelwa ukubandakanyeka emacaleni okubulala ehostela ngoDisemba 2017.

Le ndoda iboshelwe ukubadakanyeka ebugebengwini obuqhubeka kuleli hostela lodumo eMlazi.

Kamuva, kukholakala ukuthi abahlali bakuleli hostela bebelwela imibhede.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa aphenya ngobugebengu eGlebelands athole isibhamu

UMthetwha waboshwa ngaphambi kwaNcibijane ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu zaso.

Izisulu zakhe kubalwa noTholakele Ngcangatha owabulawa ngo-Agasti 2017 eHostela.

UMthethwa ubesohlwini lwabafunwa ngamaphoyisa ngaphambi kokuba aboshwe.

Ngaphambilini evele enkantolo kwezwakala ukuthi unamacala amathathu abhekene nawo, kubalwa nelokubulala.

Sekubulawe inqwaba yabantu ehostela iGlebelands eminyakeni eyedlule.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...