Usengundingasithebeni ohlukunyezwa yisoka nesihlobo salo

2017-03-12 18:32

Durban - Owesifazane waseMaphaya eJozini useqome ukulaxaza umuzi wakhe waphenduka undingasithebeni ngenxa yesibhaxu athe usithelwa yintombazane ehlobene nowesilisa abethandana naye behlala emzini owodwa. 

ULina Nkosi ona-44 ukhala uyazithulisa ngesenzo semtombazane,21, athe ifike kuye isanuka ubisi, esiphenduke isilwane esifuna ukumsobozela.

Echaza uthe ingxabano isuswe wukuthi ukhuze le ntombazane ukuthi ibeke bededengu izimpahla zengane yayo ezinendle endlini. 

"Ngabuza ukuthi ubani obeke indle endlini, ngakhuza ukuthi indle ayihlali nome yikuphi. Kwaba sengigadlile. Ivele yasho ukungiqeda ingibuza ukuthi ngayifunani, ingigagula ngegama ingisakaza ngetshe," kubalisa uNkosi. 

OLUNYE UDABA:Uthole isibhaxu umfundi ovuse uthisha elele esikoleni

UNkosi uthe obeyisoka lakhe usemsabisa ngokumbulala ngoba ethi ngidlala ngengane kadadewabo. Uveze ukuthi ngenxa yokubona ukuthi akaphephile usekhethe ukulifulathela ikhaya lakhe, waphenduka umantuntanendishi.

Usethole isivikelo emaphoyiseni esivimba leli soka lakhe ukuba lingasondeli kuye, kubika iSolezwe.

UBhekumuzi Nkosi oyinduna kule ndawo uthe uyalwazi lolu daba lwabikwa kuye kodwa kuyamhlula ukuluxoxa ngenxa yokutho abanikazi balo, bagijima baye emaphoyiseni naseziMantshini. 

"Sisazolukhuluma njengomndeni hhayi njengenduna ngoba into yezithandani kunzima ukuyingena, " kusho uNkosi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...