Usencamile owakuleli oxoshelwa ukukhuluphala ngokweqile eNew Zealand

2015-12-18 12:31

Wellington – Owesilisa wakuleli okuthiwa ukhuluphele ngokweqile ukuthi angahlala eNew Zealand usegcine ephonse ithawula ekulweleni ukuhlala kuleliya lizwe, kusho umbiko ngoLwesihlanu.

U-Albert Buitenhuis nomkakhe uMarthie sekuphele iminyaka emibili belwela ukuhlala kuleliya lizwe.

Izinkinga zaqala ngesikhathi bevuselela ama-visa okusebenza kuleliya lizwe, okokuqala anqatshwa ngoba kuthiwa indoda ikhuluphele ngokweqile.

OLUNYE UDABA: Uzodedelwa ejele okhuluphele ngokweqile

Base bephuma phambili ekutheni banikezwe ushwele wezinyanga ezingu-23, nokho waphinde wahoxiswa.

"Kwadingeka ukuthi siyeke ukusebenza ekupheleni kuka-Okthoba,” kusho uBuitenhuis, osebenza njengompheki, etshela iphephandaba laseNew Zealand.

"Isizathu sabo sithi ngikhuluphele ngokweqile ngakho angisenayo kahle impilo.”

Yize uBuitenhuis azama ukwehlisa isisindo sakhe ngo-30kg ngo-2011, abaphumelelanga ekutheni babe yizakhamuzi zakuleliya lizwe ngokugcwele.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...