Usemisiwe uthishanhloko 'owashaya umfundi wamuhlalisa kwi-wheelchair'

2017-01-23 19:28

Durban - Usemisiwe uthishanhloko wesikole iManyano Primary esiselokishini eMhluzi, eMiddelburg, eMpumalanga ngezinsolo zokushaya umfundi, uSiphamandla Choma oneminyaka engu-14 ubudala osehamba nge-wheelchair kulandela isehlakalo.

Lo thishanhloko umiswe ngemuva kophenyo olwenziwe wuMnyango wezeMfundo esifundazweni ngezinsolo zokushaywa kwalo mfana esolwa ngokweba imali engu-R150.

OLUNYE UDABA: Umisiwe uthisha osolwa ngokubhonya abafundi

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uJasper Zwane uthe lokhu kuyisibonelo esihle kothisha abasaqhubeka nokushaya abafundi ezikoleni.

Uthe umbiko ophelele ngophenyo uzophuma kulo leli sonto.

Umthetho wakuleli uthi kuyicala elibomvu ukushaya abafundi, kanti olahlwa yileli cala angaphelelwa nawumsebenzi.

- SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...