Uselala phandle ugogo obone inyoka endlini

2017-02-08 11:31

Johannesburg - Umbhede usendlini kodwa ugogo Sarah Mogwane, 78, uncamela ukulala ngaphansi kwesihlahla kulandela ukunyamalala kwemfezi ayibone endlini.

Ufunga uyagomela ukuthi ngeke abuyele endlini kuze kube siyaphuma isitha sakhe phakathi.

Lo gogo wase-Zone 14 eGa-Rankuwa, eTshwane utshele iDaily Sun ukuthi ubezihlalele kusofa elalele umsakazo ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ebona into ecwebezelayo phansi.

“Bengicabanga ukuthi kunomuntu ochithe amanzi wabe esezama ukuwasula.”

Kodwa uthi ngesikhathi ebukisisa kahle, inyoka ivele yaphakamisa ikhanda yambuka ngqo emehlweni, “kungathi ifuna ukungishaya.”

OLUNYE UDABA: Kuzophenywa ngohlekise ngokushona komlungu ezinkundleni zokuxhumana

“Ngimemeze indodakazi yami. Sizamile ukuyibulala inyoka kodwa yavele yanyamalala. Sichithe ubusuku bonke siyifuna kodwa sagcina singayitholanga.”

Ngakusasa iphinde yabonakala futhi, kodwa bahlulekile ukuyibulala.

Manje ugogo usehlala ngaphansi kwesihlahla imini nobusuku, elinde inyoka.

Yena nendodakazi yakhe batshele iDaily Sun ukuthi bakholelwa ukuthi inyoka ithunyelwe abathakathi.

USibongile Maluleke, oyisangoma, uthe umndeni kumele wenze umsebenzi yokuxosha imimoya emibi egcekeni.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...