Usefikile kuleli unodoli wocansi futhi ubiza uR16 000

2017-10-26 19:31

Kuthiwa ucishe ulingane nomuntu ophilayo unodoli osanda kufika kuleli okuthiwa usebenza ngesidlela eziningi ezizokuthokozisa.

Uma umfuna lo nodoli kumele ulungiselele ukukhipha imali elinganiselwa ku-R16 000.

Kuthiwa uyabiza lonodoli wocansi kodwa futhi kuthiwa ngunodoli osezingeni eliphezulu kakhulu kanti futhi maningi amadoda alangazelele ukumthola.

OLUNYE UDABA: Nazi ezinye zezizathu ezenza owesifazane angafiki kuvuthondaba

Lo nodoli kuthiwa uvela kwelaseChina kanti ufana ncamashi nomuntu ophilayo kanti ungamasayizi angafani.

Kukhona abazacile, abazidudla kanye nabakheke kahle ukuze umuntu athole usayizi awuthandayo.

Kuthiwa nesisindo salo nodoli sicishe sifaniswe nesomuntu ophilayo, kukhona abade nabafishane, umuntu uyazikhethela ukuthi yiluphi uhlobo aluthandayo.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...