Usedlise abazalwane izimbali 'ezinobuthi' namakokoroshe 'umfundisi wenyoka'

2017-11-14 12:31

Johannesburg - Umfundisi uPenuel Mnguni webandla i-End Times Disciples Ministries owadlisa abazalwane izinyoka usephinde adume ngazo.

Kulokhu lo mfundisi udlisa abazalwane amakokoroshe kanjalo nezimbali "ezinobuthi".

Kumbhalo osenkundleni yezokuxhumana iFacebook kuthiwa lo mfundisi uphendula ikokoroshe libe wushizi nesinongo sokupheka ngaphambi kokuba alidlise abazalwane.

OLUNYE UDABA:Umfundisi wenyoka uthi unkulunkulu wakhuluma kuye

Lo mbhalo uphelezelwa yizithombe namavideo esesontweni lapho okubonakala khona indoda idla izimbali "ezinobuthi".

"Le nceku yeNkosi ibonakala ithatha imbali iyikhulekela mase iyinika ilungu le bandla ukuba iyidle. Ngesikhathi leli lungu liyidla, lithe inambitheka njengokudla okujwayelekile, wayidla waze wacela ukuyidla yonke imbali, wayiqeda.

UMnguni ngonyaka ophelile wavela ngaphambi kwe-Commission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities (CRL Rights Commission), okuyiyo eyayiphenya amacala ayebhekene nawo ngo-2015 okudlisa abazalwane izinyoka, izinwele, amagundane nezintuthwane.

Le khomishana laphothula umbiko ngoJuni wadluliselwa ephalamende.

 - FACEBOOK:

- eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...