Usededelwe owagwetshwa udilikajele engenacala, ngemuva kweminyaka esejele

2017-12-06 08:04

Bloemfontein – Ngemuva kweminyaka engu-12 esejele, owesilisa owagwetshwa udilijalele ngecala lokubulala nokuphanga ngenhloso yokulimaza usededeliwe.

ISupreme Court of Appeal eBloemfontein iguqulo isigwebo sikaLefu Jantjie Bakane ngoLwesibili.

UBakane waboshwe ngomhlaka 23 Juni, 2004, ngemuva kokutholakala kukaJohannes Albertus Maré wasePitoli ebulewe ngokuklinywa ngendwangu yekhethinisi.

"Isicelo sakhe sokuphikiswa kwezigwebo siphumelele: Umsolwa utholakale engenalo icala futhi asehoxisiwe womabili amacala abebekwe wona,"kusho iJaji uBaratang Connie Mocumie ngesikhathi ekhipha isinqumo sakhe ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:UMasipa wahluleka ukuveza izizathu zokwehlisela u-Oscar isigwebo

Ngokwesinqumo senkantolo, umbiko mayelana nokuhlolwa kwesidumbu sikaMaré ubonise ukuthi washona ngomhlaka 22 kuJuni 2004.

Ngesikhathi kutholakala isidumbu sakhe, amaphoyisa athola izinto ezimbalwa esikhotheni esiseduze nomuzi kamufi. Kulezi zinto kubalwa ama-remote kamabonakude, nokuyizinto amaphoyisa akholwa wukuthi athathwa yisigebengu ngesikhathi kuphangwa emzini wakhe, kwatholakala ikepisi, ijakhethi kanye nommese.

UBakane kanye nabanye abasolwa abane baboshwa ngosuku olulodwa.

Bavela enkantolo iNorth Gauteng High Court ePitoli lapho agwetshwa khona udilikajele ngecala lokubulala kanye neminyaka engu-15 ngecala lokuphanga ngenhloso yokulimaza.

UBakane wayewaphikile wonke lamacala, ngesikhathi ethula ubufakazi watshela ijaji ukuthi amaphoyisa amthola endlini yentombi yakhe ngomhlaka 23 ekuseni.

Amaphoyisa amshaya amuphoqa ukuba akhombe abanye abasolwa, nabo abashaywa base beyaboshwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...