Usebuyele kwelakubo uGrace Mugabe ngemuva kokuthola ushwele

2017-08-20 11:00

Harare -  UMongameli waseZimbabwe uRobert Mugabe nonkosikazi wakhe uGrace Mugabe bafike kahle ezweni lakubo.

Lokhu kususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu bekhala ngokuthi umkaMugabe usephunyukile ekutheni abhekane nengalo yomthetho.

Lo nkosikazi usolwa ngokuhlasela ashaye uGabriella Engels amfica ehhotela lapho okwakuhleli amadodana akhe khona eGoli.

OLUNYE UDABA:UMbalula uthi amaphoyisa amqaphe ngeso lokhozi uGrace Mugabe emingceleni

Umsakazeli womphakathi eZimbabwe i-ZBC ithi uGrace ufike nomyeni wakhe ngeSonto ekuseni esikhumulweni sezindiza eHarare.

Kuthiwa uGrace uthole ushwele wezombusazwe kusukela kuhulumeni waseNingizimu Afrika.

Okwamane akukacaci kahle ukuthi ngabe uzoqondiswa izigwegwe na ngesenzo sakhe sokuhlasela u-Engels. Kuthiwa le ntokazi ufuna ukuhlawulisa lo okaMugabe.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...