Usebenzisa umuthi ukulala nabo bonke abesifazane esigodini sangakubo

2016-01-15 13:38

Harare - Owesilisa waseMasvingo, eZimbabwe, kuthiwa uzitika ngabesifazane basesigodini sakhe ngokocansi esebenzisa umuthi, kusho umbiko.

Kuthiwa le ndoda ivele ixhawule noma yimuphi umuntu wesifazane "bese evele eyathamba" avume konke ekwenzayo, kubika iBulawayo24.

Le ndoda, uVurumai Tsikira, kuthiwa usebaqedile abantu besifazane esigodini ahlala kuso.

OLUNYE UDABA: Ucansi lumnandi uma owakho ephiwe induku - Obehayiza

UTsikira ushiye umphakathi ubambe ongezansi ngesikhathi ezivumela ngokwakhe esigcawini ukuthi ubezitika ngabesifane.

Lokhu kulandela ukuthi ebanjwe oqotsheni eqhoqhobele owesifazane oshadile.

Kuthiwa uTsikira usebenzisa "iwoza-woza".

Uthi kwayena akasazi ukuthi simi kuphi isibalo sabantu besifazane aselale nabo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...