Usebanjiwe obehlukumeza umphakathi waseMandawe

2017-11-22 16:00

eThekwini - Ushayasibhamu obekahlukumeza umphakatha waseMandawe useboshiwe.

Lo mlisa oneminyaka engu-25 ubudala ubanjwe ngezintatha zangoLwesithathu endaweni yaseXobho.

Lo mlisa utholakale nesibhamu sohlobo lwe-9mm, omakhalekhukhwini, ama-tablet, amawashi kanye nama-sim card ahlukahlukene.

Lo mlisa waqala ukuhlukumeza lo mphakathi ngoMsombuluko mhlaka-30 Okthoba ngo-18:00 ushayasibhamu ongaziwa wahlasela abantu abathathu abebehamba emgwaqeni uDexter endaweni yaseMandawe.

Kuthiwa udubule umuntu wokuqala emlenzeni, owesibili emlonyeni nasengalweni wase eyabagebenga. Isisulu sesithathu sivele sakhipha isikhwama semali kanye nomakhalakhukhwini ngaphambi kokubaleka.

Abadutshuliwe baseminyakeni engu-31 no-44 ubudala kanti baphuthunyiswe esibhedlela ngabosizo lokuqala. Amaphoyisa aseScottburgh aphenya amacala amathathu okugebenga kanye namabili okuzama ukubulala.

NgoLwesihlanu mhlaka-3 Novemba ebusuku ngo-20:00 owesimame oneminyaka engu-34 ubudala uhlaselwe esendleleni ebuyela ekhaya ephuma emsebenzini.

"Lo wesimame udutshulwe esifubeni washonela eduze kwekhaya lakhe, khona eMandawe. Umfowabo uzwe ngodadewabo ememeza, ngesikhathi ephuma wamthola opha. Umphuthumise esibhedlela lapho efike washonela khona," kusho isitatimende samaphoyisa.

Umufi igama lakhe nguMakhosazane Mary Jane Mokoena, kanti uphucwe isikhwama.

OLUNYE UDABA: Kulimale abathathu emshadweni kuhlasela ushayasibhamu

Ngemuva kwemizuzu engu-15 kuhlaselwe lo wesimame izakhamuzi ezihlala emgwaqeni uNdosi bezikhala kulandela ukuqhuma kwesibhamu.

"Kulokhu kuhlaselwe uSiyabonga Ngcobo, 23, otholakale edindilizile enenxeba lokudutshulwa entanyeni kanye nasemuva kwendlebe futhi eseshonile," kuqhuba isitatimende.

Amaphoyisa athi akukho okutshengisa ukuthi ugetshengiwe uNgcobo kanti kusaphenywa ngembangela yokuhlaselwa kwakhe.

"Ngemuva kwalokhu, owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ubesesitobhini sebhasi nodadewabo, 17, ngesikhathi begetshengwa owesilisa obephethe isibhamu. Lo msolwa ushaye lo wesilisa efuna imali, kanti udadewabo uthuke wabaleka washiya isikhwama ebona umfowabo ehlaselwa," kusho amaphoyisa.

Umsolwa ubaleke nomakhalekhukhwini kanye nesikhwama nemali ebiphakathi. Kusaphenywa ngalokhu.

Kuzo zonke lezi zigameko, kuthiwa umsolwa unomzimba owondlekile kancane, useminyakeni eko-29 ubudala, ugqoka ugawini oluhlaza sasibhakabhaka kanye nejezi elinesigqoko esinoboya ngasebusweni.

Zonke lezi zigameko zenzeke ngaku-T-Junction waseMandawe futhi umsolwa uphatha isibhamu sohlobo lwe-9mm.

Kulindeleke ukuba avele phambi kweMantshi yaseScottburgh kungekudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...