Usazohlala esitokisini umhlengikazi 'owabulala' umyeni

2017-06-14 07:04

eMbumbulu - Owesifazane usazohlala esitokisini ngaphambi kokuthi ezwe ukuthi inkantolo iyamnika yini ibheyili ngecala lokubulawa komyeni wakhe.

U-Ethel Ngubane,51, noNtobeko Dube, 20, sebezame kathathu ukufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi ePinetown, kodwa icala labo lihlehliswe.

Okwamanje icala labo lihlehliselwe umhlaka 27 kwephezulu lapho bezophinde bafake khona isicelo sebheyili.

Laba babhekene necala lokubulala uSibusiso Ngubane owayengumyeni ka-Ethel, ngomhlaka 14 Meyi 2017.

Bobabili abamangalelwa baliphikile icala abathweswe lona. Kodwa kuvele ukuthi ummangalelwa wesibili, uDube, ngesikhathi eboshwa walivuma icala.

U-Ethel Ngubane ungene ebhokisini lofakazi washo ngengila ethi “ngeke”, ngesikhathi inkantolo imbuza ukuthi wambulala yini umyeni wakhe.

OLUNYE UDABA:'Umyeni wami usezitika ngocansi nomakoti wakwethu'

“Angimbulalanga umyeni wami. Ngobusuku besigameko ngangiphuma emngcwabeni eMbumbulu, ngabuya ngazibukela umabonakude nezingane zami kanye noDube. Ngezwa kumenyezwa emnyango ngacela uNtobeko (Dube) ukuthi ayobheka ukuthi kwenzakalani.”

“Ngathuka ngoma ngizwa kuthiwa umyeni wami udutshulwe washona. Inhliziyo yami yaba buhlungu,” kuchaza u-Ethel Ngubane.

Utshele inkantolo ukuthi umyeni wakhe washona engasahlali naye, wathi bese kuphele iminyaka emibili ehlala nentombi. Uveze nokuthi ubengazondli izingane, konke bekubheke yena.

U-Ethel Ngubane, ongumhlengikazi, utshele inkantolo ukuthi wesabela ukulahlekelwa umsebenzi wakhe njengoba esehlale esitokisini isikhathi eside, kubika i-KZN Eyethu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...