Usazohlala esitokisini umfundisi osolwa ngocansi nabazalwane

2017-04-21 18:00

Port Elizabeth – Umfundisi osematheni kuleli ngezinsolo zokwenza ucansi nabazalwane uzogcinwa esitokisini samaphoyisa ezinye izinsuku ezingu-12, iNkantolo yeMatshi yasePort Elizabeth isho kanjalo ngoLwesihlanu.

Lo mfundisi uvele kafushane enkantolo ngoLwesine kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-3 kuMeyi.

Lo mfundisi oneminyaka engu-58 ubudala uboshwe uphiko lwamaHawks ngoLwesine wabe eseyiswa emahhovisi alo eboshwe ngozankosi, nalapho ebegadwe yizimoto zamaphoyisa, iNetwerk24 ibike kanjalo.

OLUNYE UDABA: Usezinikele emaphoyiseni umfundisi osolwa ngawocansi

Amaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response Team (TRT) abephahle lo mfundisi nhlangothi zombili futhi ehlome ezingovolo. Yena umfundisi ubegqoke izibuko zelanga kanye nebhantshi elidle ngemibala.

Lo mfundisi kukholakala ukuthi uphethe amasonto amathathu kuleli. Kusolakala ukuthi ubehlukumeza abesifazane abasonta ebandleni lakhe.

Uphenywe ngemuva kokuvela kwabesifazane abasonta esontweni lakhe nabamsola ngokuthi ubebahlukumeza ngokocansi. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...