Usazogqunywa ejele umbulali kaHani

2017-08-18 14:00

Johannesburg - INkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala isiguqulile isinqumo saphambilini sokuba umbulali kaCris Hani adedelwe ngoshwele.

UJanusz Walus usedonse iminyaka engu-24 ebhadla ejele ngokubulala umholi we-SACP.

UNgqongqoshe wezobulLngiswa uMichael Masutha unezinsuku ezingu-90 ukuba acabange ngokuthi uzomdedelwa yini ngoshwele noma cha uWalus.

UWalus walahlwa yicala lokubulala wagwetshwa ngo-1993.

OLUNYE UDABA: Ibuyele enkantolo inkakha yomculi

Ngemuva kwesinqumo seNkantolo eNkulu phambilini, umfelokazi kaHani uMpho wathi isinqumo senkantolo sinokucwsa phakathi kanti iYouth Communist League of SA yona yathi uWalus akakufanele ukubuyela emphakathini.

UMnyango wezaseKhaya ngoMeyi nonyaka wahoxisa ubuzwe bukaWalus. 

Abafundi bethi baphawule kanje ngalolu daba:

Twoboys Stritkid Nyembe Abafuni ukumnika ushwele ngoba bayazi ukuthi kuningi okungavela yingakho befuna ukuthi afele ejele. Baningi abangambuleka izinqe kula baholi bethu esinabo eqenjini elibusayo.

Mzwah Nicky Phungula Isamincane nje le minyaka kufanele abolele ejele ngoba wabulala intando yabantu ngokubulala umholi oneqiniso njengoHani.

Anathi Ceduma Rini Hhayi mabangamkhiphi engakasho ukuthi wayethunywe ngubani.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...