Usazobhadla ejele ezinye izinyanga olinde ukuqulwa kwecala

2017-09-16 08:49

Johannesburg - USandile Mantsoe osolwa ngokubulala akhole ngomlilo intombi yakhe yezinyanga ezingu-7, uKarabo Mokoena, uzobhadla ezinye izinyange ezingu-6 ejele ngaphambi kokuba icala lakhe liqale ukuqulwa.

UMontsoe, 27, usechithe izinyanga ezine esitokisini kulandela ukubulala uMokoena waqeda wamugqiba ethuneni elingashoni eBramley ekuqaleni kwalo nyaka.

OLUNYE UDABA:#RIPKaraboMokoena: Uzogqunywa esitokisini osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

Umbuso nabameli bomsolwa batshele iNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesihlanu ukuthi bavumelene ngokuthi sebekulungele ukuqala ukuqulwa kwecala ngomhlaka-5 Mashi 2018.

Ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili, umseshi wecala wathi, engcwadini efungelwe, uMantsoe ubesevumile ngaphambi kwekhomishana lesifungo ukuthi wabhunyela isidumbu sikaMokoena nge-acid wabe esesishisa.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...