Usawumqemane ugogo ona-109

2016-03-29 10:02

Johannesburg - Indodakazi yakhe  endala kungathi ngudadewabo kanti ingane yakhe yokugcina ihola impesheni kodwa uneminyaka engu-109 ubudala ugogo uN'wa-Phafula Chauke usanothando olumangalisayo.

Ungabuza abazukulu bakhe abangu-52, isizukulwana sakhe esingu-115 nesizukulwana sesizukulu esingu-37.

Lo gogo waseRivala Village eduzane naseGiyani , eLimpopo usanda kugubha usuku lwakhe lokuzalwanezingane zakhe esezisele ezinhlanu, abazukulu nezakhamuzi zendawo.

OLUNYE UDABA:Ona-101 uthi usayibhubesi embhedeni nowakhe uyamvumela

Lo gogo washiywa ngumyeni wakhe ngonyaka wango-1983 namadodana akhe amathathu emnyakeni edlule.

UGogo N’wa-Phafula uthe: "Imfihlo yokuphila isikhathi eside ukuqina emthandazweni, ukuya esontweni njalo kanti futhi angikaze ngiphuze nelilodwa iphilisi empilwni yami."

Zonke izingane zami zihola impesheli, kubika iDaily Sun.

Indodakazi yakhe uMamayila Chauke, 67, uthe: "Umama wami uyakuthanda ukudla ukumnandi.

"Uyalithanda ikhekhe uma sigubha izinsuku zokuzalwa kanti futhi irice lakhe ulidla notamatisi sosi nemayonnaise."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 17-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...