Usashaqekile umndeni wodutshulwe wabulawa bebuka

2017-09-19 07:00

Pietermaritzburg - Usashaqekile umndeni wendoda edutshulwe yabulawa phambi komndeni wayo endaweni yaseDangula, eCaluza.

Umndeni wakwaMthalane uthe kuzothatha isikhathi eside impela ukuba kuphume lesi sithombe sokubulawa kwaNhlanhla Mthalane, 36 emqondweni.

Abasolwa bangene ngesango ngemuva kwengane yethu endala eneminyaka engu-10 ubudala ebithunywe estolo, kusho unkosikazi kaMthalane, uJabulile oneminyaka engu-34 ubudala.

OLUNYE UDABA:Usathukile umndeni ohlaselwe ngebhomu likaphethiloli

Unkosikazi kamufi uthe abasolwa bangene endlini baqonda kumyeni wakhe bamufuna imali, kuthe engakakhulumi bamungqokoza ngenhlamvu bephindelela.

Abasolwa bangishaya ngesidunu sesibhamu bathatha amaselula ethu, ingane yethu endala yabaleka yaya kwamakhelwane., kuqhuba unkosikazi.

Abasolwa kubikwa ukuthi babengazifihlile ubuso kodwa abaziwa.

UCaptain Musa Ntombela, okhulumela amaphoyisa, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Bekungakaboshwa muntu.

 - Thola udaba oluphelele kwi-KZN EYETHU

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...