Usana oluzelwe lutholakale lufakwe esikhwameni sesudi, lushonile

2017-09-27 18:00

Vereeninging - Abezimo eziphuthumayo bathi kutholakale isidumbu sosana olusanda kuzalwa sifakwe esikhwameni sesudi lwase lulahlwa eceleni komgwaqo eVereeninging, eGauteng.

Lolu sana lutholakale ngoLwesibili ntambama.

Abosizo lokuqala bakwa-ER24 babizelwe endaweni yesigameko kuCircus Street, eThree Rivers, bebizwa ngamaphoyisa ukuba bazohlola lolu sana obelungatshengisi ukuthi lusaphila. Ingane ibe isihlonzwa njengeshonile khona endaweni yesehlakalo.

Okhulumela i-ER24, uRussel Meiring, uthe lolu sana luzalwe sesifikile isikhathi, kanti inkaba nomzanyana bekungakanqanyulwa.

UMeiring uthe ilungu lomphakathi yilo elibone isidumbu salolu sana lase lihlaba umkhosi kwabomthetho.

"Iziphathimandla zendawo bezisendaweni yesigameko ziqhuba uphenyo," kusho i-ER24.

OLUNYE UDABA: Kutholakale usana emgqonyeni kadoti

Kuzokhumbuleka ukutho ngoMsombuluko kutholakale usuna olusanda kuzalwa lugoqwe ngoplastiki ngasemathuneni aseBrixton, enkabeni yeGoli.

Kuthiwa le ngane itholakale ngabo-07:45 ngemuva kokubonwa ngumuntu obedlula ngendlela obebheka okuthile emgqonyeni kadoti.

Le ndoda ibe isiyazisa onogada baseBrixton Cemetery, okuyibo abebe sebebiza abosizo lokuqala.

“Ngebhadi, bekungekho obekungenziwa abezimo eziphuthumayo ukuhlenga le ngane yomfana njengoba ibe isihlonzwa njengeshonile khona endaweni yesigameko," kusho isitatimende.

Amalungu eSA Police Service abe esebizelwa endaweni yesehlakalo ukuba ayoqhuba uphenyo ngesigameko, esho.





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...