Usamile kwelokuthi akanacala uthisha kolwaseNquthu

2016-08-24 14:32

Durban – Uthisha waseNquthu osolwa ngokuthatha amafilimu elele nezingane zesikole usamile kwelokuthi akanacala, futhi uyaziphika izinsolo abekwa zona.

Ummeli kalo thisha useveze ukuthi ama-video kalo thisha esocansini nabesifazane, akubona abafundi kepha “abantu abadala”.

Njengoba amaphoyisa ephenya icala lokudlwengulwa kwabantu abangaphansi kweminyaka, igama nesibongo kwalo thisha kugodliwe ukuze kuvikelwe labo abayizisulu.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane ngoLwesithathu uthe basaphenya ngaleli cala kanti bekungakaboshwa muntu.

OLUNYE UDABA: Kusuke isidumo kusabalala i-video kathisha elele nomfundi eNquthu

“Sicela umphakathi ukuba usitshele uma umbona noma wazi lapho ekhona,” esho.

Lo thisha wamiswa emsebenzini ngemuva kokusabalala kwala ma-video.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMuzi Mahlambi uthe lo thisha akaze aye emsebenzini kusukela kwaputshuka la ma-video ngesonto eledlule.

UBruce Macgregor, ongummeli kalo thisha, ubhalele iNews24 ngoLwesibili.

Funda incwadi lapha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...