Usale enkundleni unogada oshayasibhamu begebenga imoto yemali e-KZN

2016-12-14 13:30

eMpangeni - Unogada oneminyaka engu-31 ubudala usale enkundleni ngesikhathi oshayasibhamu behlasela imoto yemali ngaphandle kwegalaji lakwa-Engen, eMpangeni.

Ngokwemibiko yephephandaba iCitizen amaphoyisa asaphenya kabanzi ngalesi sigameko esikhiphe isidumbu.

Kuthiwa unogada udutshulwe kabili ekhanda wase edutshulwa nasesifubeni.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa unogada phambi kwesonto

UCaptain Mbongeni Mdlalose okhulumela amaphoyisa aseMpangeni uthe ubeseduze kakhulu lo odubule wabulala lo nogada.

UMdlalose ubuye waveza ukuthi unogada akazange adubule ngesikhathi kufika abasolwa, uyilandele yonke imiyalelo yabo ngesikhathi bethi akalale phansi nokuyilapho adutshulwe khona.

Kuvulwe icala lokubulala kanye nelokugebenga ngenhloso yokulimaza ngesihluku.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...