Usale enkundleni umsolwa kudutshulwana kwaMbonambi

2017-01-19 14:30

KwaMbonambi - NgoLwesibili amaphoyisa aseMpangeni aphume mkhankanso wokuqapha ubugebengu endaweni yakwaMbonambi.

Ngesikhathi esamatasa nomkhankaso, amaphoyisa athole umbiko ngabasolwa abane abebehlomile bakweminye yemizi esendaweni yakwaMacekane, khona kwaMbonambi.

Amaphoyisa alandele lo mkhondo abe esejoyinwa uphiko lweSpecial Task Force ngoba kwaziwa ukuthi laba basolwa banobungozi.

OLUNYE UDABA:Bakhishwe ngebheyili abesifazane abasolwa ngokudlwengula owesilisa wase-KZN

Athe efika amaphoyisa abingelela abasolwa ngenhlamvu nokuyilapho kudubuleke khona umsolwa oyedwa washonela khona lapho.

Kuboshwe abasolwa ababili kanti oyedwa ukwazile ukubaleka.

Kulo muzi amaphoyisa athole izibhamu ezintathu zohlobo lwe-9mm, i-shortgun kanye ne-air riffle eyodwa nezinhlamvu konke okungekho emthethweni.

Laba basolwa kuthiwa bayingxenye yethimba lezigebengu eziduna izimoto KwaZulu-Natal bazihambise kwamanye amazwe akhelene naleli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...