Usabisa ngokuzibulala owaliwe

2016-11-11 13:32

Johannebsurg - Usabisa ngokuzibulala u-Eddie Dikgale, 40,  kulandela ukwaliwa yisithandwa sakhe seminyaka engu-16.

UDikgale waseSaulsville, eTshwane, ufuna ngazo zonke izindlela ukubuyelana noBrenda Mampane, 39.

Kodwa uMampane uthi: “Cha! Ngeke kwenzeke lokho… ngikhathele ukuhlukunyezwa. Uma efuna ukuzibulala, akazibulale.”

U-Eddie uthi izinkinga ziqale ngo-2000 ngesikhathi uMapane ethola umsebenzi edolobheni.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abantu baseKZN ngesimo sezulu

“Wayesehlala edolobheni, angivakashele ngempelasonto kuphela,” usho kanje.

UDikgale, ongumakhenikha, uthi uMampane wayelwisa amakhasimende akhe angabantu besifazane, ewasabisa nangokuwagwaza.

“Ngemuva kwalokho wangitshela ukuthi ngeke esabuya njalo ekhaya,” kusho uDikgale.

UMampane uvumile ukuthi usamthanda uDikgale kodwa wathi ngeke babuyelane ngoba unesandla esilula, kubika iDaily Sun.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...