URamaphosa uwubungaze nabazalwane baseSikhaleni umkhosi wePhasika

2018-03-30 14:08

Durban - UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa uhambele ibandla iCovenant Fellowship Church International, inkonzo yalo yePhasika eliyibambele eSikhaleni TVET College, KwaZulu-Natal.

URamaphosa wamukelwe ngezandla ezifudumele ngumholi waleli bandla uMphrofethi uMandlenkosi Dlomo ngesikhathi etheleka ngoLwesihlanu ekuseni.

URamaphosa ubehambisana nezinye izikhulu zikahulumeni, okubalwa noNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uBlade Nzimande, uMike Mabuyakhulu kanye noSenzo Mchunu.

Ubuholi bukaKhongolose buthe chithi saka kulona lonke leli njengoba kuqhubeka izinkonzo zePhasika zamabandla ahlukahlukene.

IZITHOMBE:

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele yena uhambele ebandleni lamaWeseli eliseLamontville.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...