URamaphosa uvakashele umndeni kaMandela

2018-01-11 11:02

Johannesburg – UMengameli omusha we-ANC uCyril Ramaphosa, kanye namalungu aphezulu kwi-ANC, avakashele emzini kaNelson Mandela eQunu, e-Eastern Cape, ngoLwesine.

Ngesonto eledlule, uRamaphosa uvakashele iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu esigodlweni sakhe kwaNongoma.

I-ANC izobamba irali encane ngaphambi kokuba ilibhekise eBumbane Great Palace, esigodlweni senkosi yabaThembu.

OLUNYE UDABA: Kubulawe imantshi iphuma emsebenzini

URamaphosa ucele ukubona ubumbano kwi-ANC, wathi i-ANC yakhiwa kabusha ngenhloso yokuba ibekwe kwelinye izinga.

I-ANC izilungiselela umgubho waminyaka yonke, ozobanjelwa kulesi sifundazweni kulo nyaka, ngoMgqibelo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...