URamaphosa ushayele ihlombe isinyathelo se-NPA

2018-01-18 12:34

Johannesburg – IPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesine lamukele isinyathelo esithathwe abashushisi ngezinkampani ezisolwa ngenkohlakalo, wathi iqembu elibusayo lizokwenza konke okusemandleni ukuheha abatshalizimali kuleli.

Ukusho lokhu ngesikhathi kunesidlo sasekuseni emcimbini wamabhizinisi ngaphambi kohambo lwangesonto elizayo oluya eDavos kwi-World Economic Forum.

URamaphosa uzohola ithimba laseNingizimu Afrika kulolu hambo kanti uthi akufunayo nje ukuveza izwe njengedawo abantu abangatshala kuyona imali.

OLUNYE UDABA: UMengameli unxuse izinkampani ukuba zitshale kuleli izimali

URamaphosa, owakhethwa kwesokuba umengameli we-African National Congress (ANC) ngoDisemba, selokhu aqokwa ukhuluma kakhulu ngokukhuculula inkohlakalo kuhulumeni.

UMengameli Jacob Zuma kusanguyena ohola izwe kodwa kungenzeka ahle esikhundleni kungekudala ngenxa yengcindezi efakwa ngamanye amalungu ngaphakathi kule nhlangano.

"INational Prosecuting Authority (NPA) isiqalile ukwenza okuthize, siyakwamukela lokho. Siyazamukela izinyathelo asebeqala ukuzithatha futhi siyabakhuthaza ukuba basebenze ngokushesha,” kusho uRamaphosa.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...