URamaphosa ugxeke izincomo zikaMkhwebane

2017-06-24 09:57

Johannesburg – Iphini likaMengameli uCyril Ramaphosa ligxeke uMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ngokuphakamisa ukuba kushintshwe amandla anikezwe iSA Reserve Bank ngokoMthethosisekelo.

Enkulumeni yakhe ayethule emcimbini weSA Communist Party wokuqoqa izimali obubanjelwe e-East Rand ngoLwesihlanu ebusuku, uRamaphosa uthe uMthethosisekelo wezwe akumele uphazanyiswe.

"Kumele sikhathazeke ngesiphakamiso sokuba umsebenzi wezinhlaka zoMthethosisekelo ezifana neReserve Bank kumele ushintshwe.”

Uqhube wathi izinto ezifana nalolu daba akumele zithathwe kancane.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uklinye wabulala intombi, maqede wazilengisa

NgoMsombuluko, uMkhwebane ukhiphe umbiko wakhe ngemali okwatakulwa ngayo iBankorp ngeminyakayawo.1980, okuyibhange esalathathwa u-Absa.

Uphakamise ukuba iSpecial Investigating Unit iqalise uhlelo ngenhloso yokubuyisa le mali.

U-Absa nokho uyakuphika ukuthi ukweleta i-SARB imali engu-R1.125bn, uthi yahlangabezana nazo zonke izibophezelo zayo ngo-Okthoba 1995.

UMkhwebane uphinde waphakamisa ukuba iPhalamende lenze izinguquko esigabeni soMthethosisekelo esithi umsebenzi weBhange loMbuso ukuvikela amandla erandi noma emali.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...