URamaphosa kumele ayisukumele ngokushesha eyenkohlakalo - Omakadebona

2017-12-23 10:06

Johannesburg - Omakadebona be-African National Congress bahalalisele umengameli omusha we-ANC uCyril Ramaphosa base ephakamisa ukuthi kumele isukunyelwe ngokushesha indaba yenkohlakalo.

URamaphosa waqumba phansi lowo ayencintisana naye kulesi sikhundla uNkosazana Dlamini-Zuma waphuma phambili ekuholeni le nhlangano yomzabalazo eneminyaka engu-105 yasungulwa.

Labo makadebona bakhiphe isitatimende ngoLwesine bathi bafisela uRamaphosa okuhle kodwa kulokhu abakubuke njengohambo olunzima olubhekene nale nhlangano kanye nezwe.

OLUNYE UDABA: Asihlaleni kwi-ANC silungise 'umonakalo' - Ramaphosa

Bazwakalise ukuthi bayethemba ukuthi uRamaphosa uzofika nokusha ku-ANC nasesizweni.

"Njengomakadebona, siyakholelwa ekutheni kuningi okusamele kulungiswe. Sizoqhubeka nokunxenxa ukuthi isukunyelwe indaba yenkohlakalo esibukeka isikapakele kuzona zonke izingxenye zomnotho," kusho isitatimende.

Bathi labo abanenkohlakalo abanandawo kuhulumeni, i-ANC, ezimbonini zikahulumeni kanye nezizimele.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngasekuqaleni kwale nyanga, iNkantolo eNkulu inikeze uRamaphosa izinyanga ezimbili ukuba aqoke umqondisi wezokushushiswa komphakathi omusha ngemuva kokuthola ukuthi uShaun Abrahams waqokwa ngokungemthetho.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...