URamaphosa kumele akhuze uMalema 'ngokuphawula okunokucwasa' - Zille

2018-03-20 18:02

Cape Town - UMengameli Cyril Ramaphosa kumele akhuze umholi we- EFF uJulius Malema "ngokuphawula kwakhe okunokucwasa ngokwebala", kusho uNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille.

"Lesi sitatimende sicwasa ngokwebala ngendlela emangalisayo kepha uMengameli Ramaphosa akaze athi vu ngaso," kusho uZille ekhuluma emhlanganweni womphakathi enxanxatheleni yezitolo eseDurbanville, eKapa.

Ubekhuluma ebhekise ekuphawuleni okwenziwe ngumholi we-EFF ngezinhlelo zeqembu zokuketula u-Athol Trollip uma sekunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.

NgoMgqibelo, uTrollip ushayele i-DA ihlombe ngokuqinisekisa ukuthi lowo owayengumengameli uJacob Zuma ubhekana namacala enkohlakalo.

UMalema ube esephendula kanje: "Hahaha, uyahamba mlungu. Angibadabukeli abelungu, kungumuzwa omnandi ukuthi ingane yomuntu omnyama kube yiyo eqagula ikusasa lomuntu omhlophe."

UZille uthe izinto zisemnandi kuRamaphosa okwamanje futhi ngeke aze amgxeke, kepha kumele anyuse amasokisi.

Udaba oluphelele lapha.

TWITTER:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...