URamaphosa akasoze ashaya umuntu wesifazane, kusho i-ex

2017-08-16 11:02

Johannesburg – Lowo owayengunkosikazi wePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa, uHope, utshele i-Eyewitness News ukuthi akaze ambeke isandla besathandana.

NgoMsombuluko ebusuku, umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthe umholi we-African National Congress Women’s League uBathabile Dlamini ubekhuluma ngoRamaphosa ngesikhathi edalula ukuthi kunabanye abaholi besilisa abenza okungaphezu kukaMduduzi Manana.

UManana ubhekene namacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza.

UDlamini uthe weseka uNkosazana Dlamini-Zuma embangweni wesokuhola i-ANC.

UHope uthi akakholwanga ukuthi nguMalema osho lento emphakathini.

“Ngishaqekile ukuthi umuntu ongumholi onjengaye angenza into efana nale.”

OLUNYE UDABA: Oseshintshe ubulili usefuna umazisini omusha

Uthe akulona iqiniso ukuthi uRamaphosa wake wamshaya.

“UCyril uncamela ukuba kuxoxiswane noma enze izinto ngendlela efanele kunokuba ashaye umuntu.

“Ngake ngamcasula kaningi, kodwa akaze angibeke isandla noma angihlukumeze.”

Uthe nakuba sebahlukana kodwa usamfisela ukuba abenguMengameli wezwe olandelayo.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...