Uqophe umlando eshanela inqwaba yezindondo kowekhilikithi uRabada

2016-07-27 14:30

Johannesburg - UKagiso Rabada,21, uqophe umlando ngokuba umdlali wokuqala wokuthola izindondo eziyisithupha eyedwa emcimbini we-Cricket South Africa Awards.

Ngokwemibiko ye-SABC NEWS, uRabada ungumdlali omncane kunabo bonke wokuwina izindondo eziphezu kwezinhlanu.

OLUNYE UDABA:UMengameli uZuma uhalalisele oweKhilikithi

Kwizindondo azitholile kubalwa eyomdlali  wonyaka ovelele kanye nomdlali wonyaka okhethwe abadlali.

Kusenjalo ibhodi labaqondisi bezekhilikithi livumile ngokusemthethweni ukulinganisa inani labadlali bezinhlanga ezahlukene kodwa lokhu kuzokwenzeka emaqenjini amancane kanye nasezikoleni kodwa hhayi eqenjini elikhulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...