Uqolwe u-R200 000 obefuna ukukhulisa 'induku' ngokushesha

2017-06-13 19:29

Pretoria - Indoda ebinethemba lokukhulisa 'induku' yayo ngokushesha iqolwe imali elinganiselwe kwengu-R200 000 yisangoma mbumbulu ePitoli.

Le ndoda, 27, ibibone isikhangiso esayihlaba umxhwele sesangoma sase-Uganda esithembisa ukuyishiya sijabulile esikhathini esifushane.

"Le ndoda egcwele ithemba yabe isikhetha ukuxhumana nalesi sangoma kuBureau Lane, eChurch Square, esaphinde sayithembisa ukuyenza isicebi," kusho amaphoyisa uCaptain Augustinah Selepe.

"Ummangali uthe umsolwa wagcina esemtshela ukuthi engameza isicebi, ekugcineni waqolwa imali engu-R190 000."

OLUNYE UDABA: Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

Kodwa ngoMsombuluko, le ndoda yavuleka amehlo, yabona ukuthi iqoliwe yabe isithatha isinqumo sokubikela amaphoyisa ngalolu daba, lesi sangoma sabanjwa sabe sesiphoswa imibuzo, usho njalo.

"Umsolwa waboshelwa endaweni asebenzela kuyo ngemuva kokuhlonzwa yisisulu. Lo msolwa odabuka e-Uganda kungenzeka ukuthi useqole inqwaba yabantu."

Lesi sangoma sizovela eNkantolo yeMantshi yasePitoli maduze ngecala lokweba.

 - The Citizen

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...