Uqhasabulwe ngezimpama obesheshisa iphepha

2015-11-18 09:31

Johannesburg - Uthole impama umfundi wesikole i-AMS Makunyane owenza ugrade-10 eSeshego zone 5 eLimpopo ngokusheshisa iphepha.

Ngesikhathi  oyisekela likathishanhloko engena ekilasini labafundi bakagrade-10 abebebhala izivivinyo zabo singakashayi isikhathi sokuba baqale ukubhala iphepha ungene wehla wenyuka ebhka osephambili ngokubhala wahlangabezana nephepha likaKhotso Mothapo, 20 obesheshisa.

Kungakapheli mizuzu emingakhi uMothapo uzwe ngenkunzimalanga yempama yize eseshilo ukuthi ubelandela imiyalo kalowo obebagadile.

UMothapo ube esethi lelisekla likathishanhloko libe selithi lizombizela amphoyisa ukuze ezomfundisa isifndo.

OLUNYE UDABA:  Kuxoshwe umfundi kaGrade-1 ngokulova esikoleni

Abanye abafundi baqinisekise isigameko sokuthi uMothapo ushaywe ngamaphoyisa nothishanhloko ekilasini.

UMothapo uthe: “Singene ekilasini ngezithuba zabo-13:30 emini sahlaliswa phansi. Obesigadile ube esebona ukuthi siphelele sonke wabe esesinikeza amaphepha ethu wathi siqale ukubhala.

“Uthishlanhloko yena wangena ngezithuba zabo-14:00 wabuza ukuthi kungani sesiphambili ngephepha.

“Wabe esehamba ebheka amaphepha ethu sonke wabuza ukuthi kungani sengiphambili kangaka, wangishaya ngenkulu impama wabiza anamphoyisa nnawo afika angishaya aze angikhahlela.”

Okhulumela umnyango wezemfundo eLimpopo uDr Naledzani Rasila uthe udab bazoluphenya.

“Sicela ukuba lo mfundi avule icala emaphoyiseni,” kusho uRasila.

Ngokombiko wabeDaily Sun iphoyisa uMothemane naye uthe lo mfundi akavule icala.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...