Uphuthunyiswe ngendiza esibhedlela owesilisa othole ingozi ku-N14

2017-08-23 18:00

Durban - NgoLwesibili ntambama abezimo eziphuthumayo babizelwe ku-N14 phakathi kwe-Krugersdorp neMagaliesburg kunengozi.

Lokhu kwenzeke ntambama ngo-16h40 kanti abezimo eziphuthumayo bafike bathola ukuthi iveni ishayisane nemoto encane.

Kulokhu, owesimame obeshayela imoto encane ube nenhlanhla ngokuphunyuka nemihuzuko emincane.

OLUNYE UDABA:Baphuthunyiswe ngendiza esibhedlela abathole ingozi

Owesilisa oneminyaka engu-52 ubudala obeshayela iveni yena ubesesimweni esibucayi kakhulu.

Lo mlisa uthole usizo lokuqala olukhethekile ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlani.

Amaphoyisa abekhona endaweni yesigameko ukuzophenya ngembangela yale ngozi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...