Uphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlani olimale kweyaseLanseria

2017-10-17 07:01

eLanseria - Owesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni yo-30 uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi kakhulu ngemuva kokuthola ingozi.

Lengozi eyenzeke ku-R512 eLanseria ngoMsombuluko ngesikhathi lo mlisa eshayiswa yimoto encane.

Abezimo eziphuthumayo abasebenza ngaphansi kwenkampani i-ER24 bakife endaweni yesigameko bathola lo wesilisa elele phakathi nomgwaqo.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi unogada ohlaselwe yimfezi

Abezimo eziphuthumayo bahlole isimo salo mlisa bathola ukuthi ulimale kabi emlenzeni, esifubeni kanye nasekhanda.

Uphuthunyiswe esibhedlela saseGoli ngendiza enophephela emhlani.

Umshayeli wemoto naye uhloliwe kwatholakala ukuthi usindile kodwa ubethuke kakhulu.

Amaphoyisa afikile kule ndawo ukuzokwenza uphenyo ngembangela yale ngozi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...