Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza owesithuthuthu

2017-08-06 18:45

Durban - Owesilisa oneminyaka engu-33 ubudala uphuthunyiswe esibhedlela elimele kabi.

Lo mlisa obehamba ngesithuthuthu uthole ingozi ku-R512 ngaseLanseria ngeSonto emini.

Le ngozi yenzeke emini ngo-14h30, abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola lo mlisa.

OLUNYE UDABA:Sitholakale sivutha isithuthuthu esishayisane neloli ku-N2

Kudingeke ukuba aphuthunyiswe esibhedlela saseGoli ngendiza enophephela emhlani.

Imbangela yale ngozi ayaziwa okwamanje.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...