Uphumelele ohambise iVodacom enkantolo ngolwe-Please Call Me

2016-04-26 12:37

Johannesburg – Owayesebenzela iVodacom uNkosana Makate okunguyena owaqhamuka nesu lohlelo lwe-Please Call Me usiwinile isicelo sakhe sesinxephezelo ngesu lakhe, kubika iTimeslive.

IVodacom iyona eyokuqala ukusebenzisa uhlelo lwe-Please Call Me ngoyaka ka-2011, kodwa kuze kube yinamhlanje ubengakaze athole ngisho indibilishi uMakati okunguyena owaqhamuka naleli su.

OLUNYE UDABA:I-ASA izonquma ngo-Vodacom noCell C

UMakate wahambisa le nkampani enkantolo ngonyaka odlule efuna izigidi zemali ngesu lakhe ngemuva kokuthi iVodacom ilisebenzise ngaphandle kokumnika ngisho nesinxephezelo.

Inkantolo enkulu yaseGoli yasinqaba isicelo sakhe ngokuthi abukho ubufakazi obanele ukuthi angakhokhelwa isinxephezelo. Lo mlisa walidlulisela enkantolo yoMthethosisekelo leli cala.

Le nkantolo ifike yayichitha inkampani yakwaVodacom futhi yabayalela ukuthi bakhokhele uMakati isinxephezelo esifanelekile ngokusebenzisa isu lakhe.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...