Uphume phambili owefilimu ekhombisa impi eyayiphakathi kwe-ANC ne-IFP

2017-07-17 19:29

Durban - UMazwi Xaba uhlonishwe ngendondo ekhethekile emcimbini amaSimon Mabhunu Sabela Awards ngoMgqibelo.

Lezi zindondo zinikezwa labo abaletha ushintsho embonini yezamafilimu njengoba eqanjwe ngalowo owayengumbhali nomhleli wamafilimu, uSabela, owaba ngumdidiyeli wamafilimu wokuqala onsundu.

Lo mcimbi uqhakambisa imisebenzi emihle yabadidiyeli bamafilimu esifundazweni iKwaZulu-Natal kanti kulo nyaka kuklonyeliswe uXaba odabuka eWillowfontein ngefilimu yakhe ethi Scars of Seven Days.

UXaba  uthi ifilimu yakhe igxile empini eyenzeka phakathi kwe-ANC kanye ne-IFP endaweni yaseMgungundlovu eyathatha izinsuku eziyisikhombisa kuphela kodwa yashiya abantu abalinganiselwa kwabangu-80 beshonile kwasala nezinkulungwane zingenawo amakhaya.

OLUNYE UDABA:Owine indondo kuma-PSL Awards useyokwenza inhlolokhono phesheya

Uhulumeni wakulesi sifundazwe ukhuthaze abadidiyeli bamafilimu ukuba babhale ngomlando wezindawo zasemakhaya nasemalokishini.

Enye intokazi ethole indondo ekhethekile nguXolisile Mhlongo waseNewtown A, eNanda, oklonyeliswe ngeyeBest use of KZN location ngokuveza imijondolo yaseBhambayi eseNanda kwifilimu ethi, Imbali kaBaba.

Ezibongela ngale ndondo, uMhlongo uthe: “Le ndondo itshengisa ukuthi siwenze kahle umsebenzi wethu wokubonakalisa imijondolo nokuyindawo engavamile ukuvezwa kahle emafilimini. Abantu abaningi abathandi ukuveza noma ukusebenzela kulezi zindawo ngoba baphila kuzo nsukuzonke.”

Uthi uyabonga ngoba le ndondo ayitholile izokhuthaza abantu besifazane ibatshengise ukuthi nabo bangakwazi ukwenza umsebenzi ofanayo nabesilisa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...