Uphume phambili ecaleni lokudlwengula umalumekazi wakhe

2017-11-13 19:31

ePort Elizabeth - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala uphume phambili ecaleni lokudlwengula umalumekazi wakhe, kepha wakhala ngaphansi kwelokunukubeza ngokocansi, kubika iThe Citizen.

Lo mlisa ubevele enkantolo enkulu yasePort Elizabeth ngoMsombuluko ngamacala okudlwengula nokunukubeza ngokocansi umalumekazi wakhe.

Umbuso uthi ngoJulayi 2015 uChandre Witbooi walala emzini kamalumekazi wakhe oneminyaka engu-56 ubudala endaweni yaseMissionvale, lapho amdlwengula khona wamncisha umoya ngomqamelo waze washona.

Lo malumekazi watholwa ngudadewabo ngosuku olulandelayo ibhulukwe lakhe lisemadolweni.

Isoka lalo wesimame nalo elina-56 ubudala latshela inkantolo ukuthi ngesikhathi limqukula limubeka embhedeni wayegqokile ephelele.

Lahoxiswa lapho icala lokuzama ukubulala ngoba kwakungacacile kahle ukuthi lo wesimame wazishonela ngokwemvelo noma wabulawa na.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 'obulale' umshana emsola ngokweba imali

Inkantolo yezwa ukuthi ezinsukwini eziyishumi ngaphambi kwesigameko, lo wesimame wamelwa yinhliziyo.

Ijaji u-Irma Schoeman uthe yize umbiko wodokotela ubonise ukuthi lowesimame unokulimala entanyeni nokuyinto eyambisana nokuncishwa umoya, lokhu akusho lutho mayelana nomenzi wecala ikakhulukazi njengoba ufakazi wasihoxisa isitatimende sokuthi wabona uWitbooi ecindezele umufi ngomqamelo.

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, uWitbooi waveza ukuthi umalumekazi wakhe wamubamba induku elokhu edlala ngayo waze wathulula.

Ijaji lithe umsolwa ubengeyena ufakazi othembekile njengoba ubufakazi bakhe ngesigameko baguquka esebona ukuthi buyanda ubufakazi obumcindezelayo.

Yize kunjalo, ijaji lithi abukho ubufakazi obuthi umsolwa walala nomufi. "Ngithole ukuthi abukho ubufakazi obanele obukhombisa ukuthi umsolwa wadlwengula noma wazama ukudlwengula umufi."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...