Uphuke izingalo zombili oweqe ophahleni lwesiteshi sesitimela ebaleka

2016-11-28 19:31

Durban - Owesilisa uhlengwe ilele phezu kophahla lwesiteshi sesitimela kuWarwick eThekwini ngeSonto.

Amaphoyisa kanye nabosizo lokuqala bahlenge le ndoda ebingasakwazi ukunyakaza njengoba iphuke izingalo zombili.

Kuthiwa le ndoda ibibaleka ihamba lapha phezulu ngesikhathi yeqa ibalekele amadoda amabili abeyijaha.

OLUNYE UDABA:Owesifazane usinde ewa esuka phezulu esitezi

Okwamanje akukaqondakali ukuthi kungane ebegijinyiswa kodwa ulimale kabi ezingalweni kanye nasebusweni.

Abosizo lokuqala basebenzise isitebhisi ukuze bafinyelele kuye, uphuthunyiswe esibhedlela sase-Addington.

 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...