Uphucwe umuzi kanokusho uBobby Motaung

2016-11-13 16:01

Johannesburg - Ibhange Investec Iveze ukuthi uBobby Motaung ubesehluleka ukukhokha izikweletu zakhe.

Ngokubika kwe-Sunday World uMotaung, oyindodana yesikhondlakhondla uKaizer Motaung, uphoqeleke ukuba adayise ibhizinisi lakhe.

Leli bhizinisi liseduze nendawo yokuqeda isizungu i-Gold Reef City casino and theme park ngoba ehluleka ukukhokha imali ayiboleka ebhange.

OLUNYE UDABA:Izinhlelo zamaKhosi zesizini ezayo kusukela kuBobby Motaung

Ngokwamaphepha afakwe enkantolo, i-Investec yanikeza inkampani kaBobby iLakeshore Trading 224 imali engango-R 9 million ngonyaka ka-2008 ukuze athenge inxanxathela yamafulethi ehambisana nezitolo zokudla kanye negalaji likaphethiloli.

UMotaung kanye nomkakhe u-Ashler Jessie Motaung bafaka umuzi wabo wezigidigidi oseHoughton njengesibambiso ukuze bathole le mali kuleli bhange.

UBobby kwakumele akhokhe imali engango- R97 700 njalo ngonyaka izinyanga ezingu-59 kanti imali yokugcina obekumele ayikhokhe ngu-R4-million.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...