UPhosa ubabele enkantolo ngohlelo lokuphakanyiswa kwamagama eMpumalanga

2017-12-07 18:01

Johannesburg - UMathews Phosa uthatha izinyathelo zomthetho ngenhloso yokuba luthathwe njengolungekho emthethweni uhlelo lwe-ANC eMpumalanga lokuphakanyiswa kwamagama abazongena embangweni wezikhundla ze-ANC.

Amaphepha afakwe eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ngoLwesine ekuseni.

Inkantolo lolu daba izolulalela ngoLwesibili oluzayo.

UPhosa, ogaqele isikhundla sokuhola i-ANC, uthi uNdunankulu uDavid Mabuza unabantu abahamba besabisa amalungu e-ANC esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Inkosi yabaThembu idumele ngokungaphakanyiswa kwegama likaSisulu e-E Cape

Uthi laba bantu baphazamisa imihlangano yamagatsha ayengahambisani nombono kaMabuza wokuba kuvotelwe ubumbano.

Ikomidi eliphezulu le-ANC eMpumalanga liziphikile izinsolo zikaPhosa, lithi yimizamo yakhe nje yokuvuselela umkhankaso wakhe owafa ungakaqali.

Ingqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi bukazwelonke izoqala ngoDisemba 16.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...