Uphoqiwe ukuba esule emsebenzini wakhe 'ozoshada' noZuma

2018-04-23 09:31

Johannesburg – Lowo okubikwa ukuthi uyingoduso kaJacob Zuma, uNonkanyiso Conco, uphoqiwe ukuba esule esikhundleni sakhe sokuba yilungu lesigungu esiphezulu enhlanganweni ezimele nengenzi nzuzo elwela amalungelo amantombazane.

Ukwesula kwakhe kwenzeke kungakapheli namahora angu-24 inhlangano – i-She Conquers (SC) – imcele ukuba ehle esikhundleni ngenxa yokuthi ubudlelwane bakhe noZuma buyashayisana nezinjongo noma imigomo yomkhankaso wabo.

Wabekelwa kuze kube u-Ephreli 23 ukuba afake incwadi yokwesula kwakhe, kungenjalo axoshwe.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngokuxinwa yizesheli u-Ayanda Ncwane

Ngempelasonto, kubikwe ukuthi uZuma walobola le ntombazane eneminyaka engu-24 ubudala, ebelethe usana lomfana esibhedlela esizimele eThekwini ezinsukwini ezingu-11 ezedlule.

Kukholakala ukuthi usana ngolwakhe uJacob Zuma.

ULeonora Mathe, oyiphini likasihlalao kwi-SC, ukuqinisekisile ukwesula kukaConco ngeSonto.

Echaza ngokwesula kukaConco, uMathe uthe: “Ubongile ngethuba alithola, wathi uthathe isinqumo sokwesula esikhundleni. Inhlangano ikwamukelile ukwesula kwkahe.

- The Star

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...