Uphinde wanqatshelwa ibheyili umfundisi odabuka eNigeria

2017-09-08 15:59

Cape Town – Uphinde wanqatshelwa ibheyili umfundi waseNigeria webandla elizinze eThekwini obhekene namacala okuhlukumeza ngokocansi.

UTimothy Omotoso ubevele eNkantolo kaMantshi ePort Elizabeth ngoLwesihlanu ekuseni.

Usolwa ngokuthatha amantombazane asemancane bese ewenzisa imikhuba yocansi ebandleni lakhe.

INkantolo kaMantshi ePort Elizabeth ithole ukuthi abameli ba-Omotoso abavezanga lutho olusha ngesikhathi befaka isicelo sesibili sebheyili.

OLUNYE UDABA: Sinyukile isibalo sabantu abatheleleke ngezindo zocansi eGauteng - Umbiko

Lokhu kusho ukuthi le ndoda eneminyaka engu-58 ubudala isazogcinwa esitokisini.

Umsolwa waboshwa uphiko loKlebe ePort Elizabeth Airport ngo-Ephreli.

Lo mfundisi waseNigeria uyaziphika zonke izinsolo abhekene nazo.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uTshepo Ndwalaza, uthe bajabule ngomphumela wesicelo sebheyili.

"Njenge-NPA sizizwa senelisekile ngalesi sinqumo.Sibona sengathi sikwazile ukuqinisekisa inkantolo ukuthi ingamniki lo mfundisi ibheyili. Kumele alimele icala abekwe lona."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...