Uphinde wanqatshelwa ibheyili osolwa ngokubulala umkakhe

2017-10-24 09:30

Port Elizabeth – Owesilisa oneminyaka engu-40 ubudala, obhekene necala lokushaya ngesihluku umkakhe waze wambulala emgwazwa, emshaya nangetshe elikhulu, unqatshelwe ibheyili okwesithathu ngoMsombuluko, eNkantolo eNkulu ePort Elizabeth. 

Isicelo sebheyili ebesifakwe nguDene Stebuys sichithwe nguMehluleli Pops Mageza othe kuncane ukungabaza ukuthi icala asolwa ngalo nguMbuso liqinile, waphinde wathi kungenzeka futhi ukuba uStebuys angase asabise ofakazi.

UStebuys ubekhala ngesimo esingesihle sasejele empilweni yakhe. Uthe usenokhwantalala futhi ejele kuyaliwa, kuthukwa inhlamba, igazi lichitheka njalo.

Nakuba kunjalo, uMageza uthe: "Izinga liphezulu lokuphila nokhwantalala emiphakathini kulezi zinsuku, ngakho nasejele awukho umehluko.”

UStebuys ubekhale kakhulu nangokubambezeleka kwecala njengoba kuthiwa ijaji elengamele icala lizoze libekhona ngonyaka ozayo, ekubeni esehlale ejele unyaka nezinyanga ezinhlanu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Owesifazane esebenzisa ingane ukwebela amakhasimende esitolo

Kodwa uMageza uthe lokho kungalungiseka ngokuthi abameli bakhe nombuso bakhulume nomengameli wamajaji ngalolu daba.

Ukuthethwa kwecala likaStebuys kuqale ekuqaleni kwenyanga kaMeyi. 

Ngaphambi kokuba uMarilyn Stebuys abulawe ngesihluku, ebulawa ‘ngumyeni wakhe’, wayethole incwadi yesivimbezelo sokuhlangana naye ngenxa yokwesaba ukuthi angase ambulale yena nezingane zakhe.

Isigameko sokubulala senzeka ngoJuni ngonyaka odlule.

Izingane zakhe ezingofakazi boMbuso sezibethulile ubufakazi bazo enkantolo.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...