Uphiko loKlebe luthungatha ababulale umnikazi wethaveni

2017-05-11 16:06

Johannesburg - Amaphoyisa athungatha abesimame ababili kanye namadoda amabili abulala umnikazi wethaveni eBloemfontein ngo-2016.

ULira Morienyane, 39, Ntabiseng Lempe, 34, Alice Majake, 28, kanye no-Andile Gxamza, 33, bafunwa mayelana necala lokubalala u-Alfred "Chencha" Helepi, wasePhahameng eBloemfontein.

Ngokusho kukaCaptain S'fiso Nyakane okhulumela oKlebe, lokhu kwenzeka ngoMashi wango-2016.

OLUNYE UDABA:Badedelwe ngebheyili abalimi abasolwa ngokubulala ibhungu

UHelepi, 70, wadutshulwa amahlandla amathathu washonela endaweni yesigameko.

Abasolwa babaleka nesamba semali kanye nemoto kamufi eyatholakala ilahlwe budebuduze nendawo yesigameko.

UMajake ubengomunye wabasebenzi bakaHelepi.

Leli cala lidluliselwe koKlebe njengoba lithathwa njengobugebengu obuhleliwe.

Laba basolwa abane baboshiwe futhi bavela eNkantolo yesiFunda yaseBloemfontein lapho lafike lakhishwa khona ngenxa yokuthi isibhamu asizange sitholakale.

Abashushisi babuye bacela ukuba leli cala liqulwe kabusha kwakhishwa nencwadi egunyaza ukuboshwa kwabasolwa.

UMorienyane, uLempe noMajake badabuka kwelaseLesotho kanti uGxamza yena udabuka ePort Elizabeth.

Uma kukhona onolwazi mayelana nabasolwa, angaxhumana noCaptain Babani Skota ku-079 509 4998 noma uWarrant Officer Motlhoua Motshweneng ku-082 372 0093

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-38 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...