Uphi uNdalozi we-EFF? Kubuza umlungu omfuna phansi phezulu

2017-02-15 19:37

Johannesburg - Kubukeka sengathi okhulumela iqembu lepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF), uMbuyiseni Ndlozi usezitholele umlandeli omusha kulandela ukhishwa kweqembu ePhalamende ngesikhathi senkulumo yesizwe i-SONA ngoLwesine olwedlule.

Yize kunjalo ukuphawula kwalo mlandeli ngamahlaya kaNdlozi kuveza ukuthi usenesikhathi elalele izinkulumo zikaNdlozi ezinokushiya amalungu amanye amaqembu ethukuthele noma emoyizela.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Iphendulwe ihlaya i-#SONA 2017 ezinkundleni zokuxhumana

Lo mlandeli ogama lakhe ngu-Andrew Worrall ubuze uSihlalo weqembu, uDali Mpofu, enkundleni yezokuhxumana iTwtter ukuthi ngabe "uNdalozi" uyawusebenzisa yini uTwitter ukuze ezomlandela ezokwazi nokufunda okubhalwe wuNdlozi.

"Ngabe uNdalozi ukuTwitter? Lo mfwethu uyahlekisa. Ngifuna ukumlandela. Uhlakaniphile futhi uyahlekisa uma ekhuluma," kusho uWorrall.

UMpofu ube esemphendula uWorrall ethi, akayazi leyo ndoda.

"Mhlawumbe kuzofanele ubuze uMengameli uMabeki," kusho uMpofu, eqonde uThabo Mbeki.

.

 - Twitter:

  - The Citizen

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...