Uphenduke isisulu umshayeli ozame ukusiza owesifazane eceleni komgwaqo

2018-03-04 11:02

Nelspruit - UKhomishana wamaphoyisa eMpumalanga, uLieutenant-General Mondli Zuma unxuse abashayeli ukuba babaqaphele abantu abacela ukusizwa eceleni kwemigwaqo.

NgoLwesihlanu, okhululema amaphoyisa uSergeant Gerald Sedibe, uthe lesi sexwayiso siza ngemuva kokuba amadoda amabili ebambe owesifazane inkunzi aphinde amdlwengula eceleni komgwaqo.

"Lo wesifazane ubelibangise ekhaya ngesikhathi kumemfuka owesifazane obengagqokile ngokuphelele emahlathini wazama ukumumisa ezenza odinga usizo. Ngemuva kokuma amamitha ambalwa naye ube esephinde emuva eyomsiza. Ngemuva kokupaka imoto lo wesifazane uvele wanyamalala kwabe sekuqhamuka indoda engaziwa izifihle ubuso yamkhomba ngesibhamu," uSedibeng.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zibanjwe zisageza esangomeni, kwaGqikazi

USedibeng, uthe le ndoda ibe isingena ngaphakathi emotweni yatshela lo wesifazane ukuba ayiqhube ibheke ngasemahlathini abheke eNjaka Dam. Le ndoda yabe isibiza enye ukuba ifike.

"Isisulu sizamile ukubaleka kodwa abasolwa badubula, basiphoqa ukuba sikhumule base beshintshana ngaso ngokusidlwengula. La madoda abe esebamba isisulu inkunzi asithathela isamba semali esingaziwa, iselula nenye impahla ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lwe-Citi Golf e-green," kusho uSedibe.

"Bekungakaboshwa muntu okwamanje kodwa amaphoyisa athungatha abasolwa kubalwa nowesifazane ozenze ofuna usizo."


 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 9-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C Light showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...